Uncategorised

OKUSHA NGOLUKA-DJ KABZA NGOMCAMBALALO NOWESIFAZANE


UMBIKO: MABUNHLE MLABA

USEXOLISILE owesifazane obhece uKabza De Small kwi-video ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi lo DJ ulale naye ngesikhathi bebukhile. Le video isuse elikhulu umsindo abantu begxeka lo DJ wodumo lwamapiano. Kodwa le ntokazi ibuye yashaya ingwijikhwebu isifaka enye i-video khona ezinkundleni zokuxhumana isicula elinye iculo. Ithe ibizidlalela ngale video ebonakala kuyo nabangani kucacela noma ubani ukuthi bebecwile kwizinkambi zikaFaro. “Ngicela ukuthatha leli thuba ngiqondise lokhu. Mina nabangani bami besisebumnandini sizijuxuza kwathi kunjalo uSlee waphatha igama lika Kabza De Small. Sithanda ukuxolisa kakhulu kubaphathi bakaKabza, unkosikazi wakhe, umndeni nabo bonke asondelene nabo. Umngani wami ubengaqondile ukukhuluma kanjeya. Besizidlalela nje thina,” kusho le ntokazi.
Yize ixolisile abalandeli balo DJ wodumo lwengoma ethi Imithandazo bathe abayizwa le nto yayo banxusa uKabza De Small ukuthi ayithathe izinyathelo zomthetho ngoba yehlise isithunzi sakhe.