Uncategorised

KUQHUBEKA UMKHANKASO WOKUGONYWA KWEMFUYO E-KZN

UNGQONGQOSHE uNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa ejabulela umsebenzi omuhle owenziwa odokotela bemfuyo esifundazweni. KZNDARD

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE woMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal uNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa, uthi kuyamjabulisa ukubona umkhankaso wokugonywa kwemfuyo, igonyelwa isifo samatele ushesha.
Lokhu kulandela ukuphothulwa kwalo mkhankaso wokugoma Olundi njengoba kugonywe izinkomo ezingu-72 571 ezilethwe emadiphini.

UNgqongqoshe uthi mhla ziyi-13 kulenyanga, ithimba lodokotela bezilwane bakwazi ukujova izinkomo ezingu-16 557.
“Lo mkhankaso uqale ngemumva kwekhwelo elashawa kuzwelonke lokulwa nesifo samatele KwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe. KwaZulu-Natal, iziFunda okubhekwe kakhulu ukuthi zigonywe ngokushesha kubalwa Amajuba, uThukela, uMgungundlovu, uGu, iHarry Gwala, uMkhanyakude kanye neZululand,” kusho uNgqongqoshe uKaMadlopha-Mthethwa.
Uqhube wathi amaqembu ayi-20 odokotela bezilwane azoqhubeka nomsebenzi KwaNongoma kuze kube umhla ziyi-18 kulenyanga, ngaphambi kokudlulela eMgungundlovu. Usho nokuthi imikhandlu eyisithupha isahlelelwa ukuthi uhlelo lokugoma luzohamba kanjani kuyona.

“Njengoba lo mkhankaso wokugoma waqala mhla zingama-26 kuNhlolanja kulonyaka, njengamanje sekugonywe izinkomo ezingaphezu kuka-850 000 KwaZulu-Natal,” kuphetha uNgqongqoshe uKaMadlopha-Mthethwa.