Uncategorised

KUQHUME IDIVOSI KWEZEMVELO NE-ISIMANGALISO

NOMCEBO NGEMA

KUGQABUKE igoda phakathi kwe-Ezemvelo Wildlife Kwazulu-Natal nenhlangano eyengamele ukongiwe kwemvelo nezindawo ezingamaxhaphozi Isimangaliso Wetland Park, kulandela ukuthi Isimangaliso sithe sicela okungokwaso kwabe-Ezemvelo.
Lokhu ukusebenzisana kuzohlukana ngokusemthethweni mhla zingama-26 kuNhlolanja ngonyaka ozayo, kodwa nakuba kunjalo izoqhubeka nomsebenzi wayo wokulondoloza imvelo.
Kusukela mhla lulunye 1 kuNdasa iSimangaliso yisona esizothatha izintambo zokuphathwa kokubhuka nokuthuthukisa ezokuvakasha.
Isikhulu esiphezulu uMnuz Sibusiso Bukhosini we-Isimangaliso Wetland Park, ukuqinisekisile lokhu wathi bese kunesikhathi eside becele Ezemvelo ukuthi bangamele imisebenzi ye-Isimangaliso, ngoba ngalesi sikhathi bebengenawo amandla.
“Asixabene ne-Ezemvelo ukuthi sifike esivumelwaneni sokuthi basibuyisele abesikade sibagcinise kona, “ kubeka uBukhosini.
Ezemvelo izophinde iqhubeke nokugcina imithetho yokulondoloza imvelo ngaphansi koMthetho we-World Heritage Convention Act.

Kukho konke lokhu kuqinisekiswe ukuthi ayikho imsebenzi ezolahlekela abantu, kodwa ISimangaliso sizosebenzisa namasu amasha okubambisana nezinkampani ezizimele ukuze kuthuthukiswe izikhungo zokuvakasha, kuqinisekiswe ukusimama kwesikhathi eside futhi kuzuze nomphakathi.