Uncategorised

AMAZULU AVUKE NGOMDLALI OGAJWE YI-BAY

MABUNHLE MLABA

AMAZULU FC asesayine umgadli onamava uThabiso Kutumela ngenhloso yokufuqa umkhankaso wokunqoba enye yezindebe ezikhona kwiBetway Premiership kule sizini.
UKutumela usanda kubuya neBafana Bafana ebidlala kwi-CHAN eKenya lapho edlale kahle khona njengoba eshaye amagoli amathathu yize iqembu lesizwe lingayinqobanga indebe. Ngesizini edlule lo mdlali waseLimpopo ubegijima kwiRichards Bay. Usezodlala kuMaZulu FC nje uke wafunwa iDurban City FC neChippa United kodwa kwangavunyelwana ngemali.
Umphathi woSuthu uSandile Zungu uzwakalise ukujabula ngokusayina lo mdlali oseke wadlala kwi-Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns, Maritzburg United neCape Town City. “Siyajabula ngokufika kukaKutumela ozogqoka u-jersey number 10. Sekunesikhathi simhalela lo mdlali kanti sambona sonke ejahana nabagadli abanohlonze njengoBradley Grobler noPeter Shalulile embangweni weGolden Boot kumasizini adlule. Sethemba uzofika nomehluko eqenjini lethu eliholwa u-Arthur Zwane sithole ukujabula.”