Uncategorised

OWAMAVIYO UHLONISHWE UNGQONGQOSHE

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UBENESASASA umcimbi wokuhlonipha amalunga eqembu lomculo woMbholoho, ohlonishwe uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula.
USbonga Gcwensa ongumsunguli waMaviyo uthe ukufika kukaNgqongqoshe Khawula, kubenze bathobeka kwabanika ithemba.
“Sibonga kakhulu kuNgqongqoshe ukuthi abe umabizwa asabele. Lokhu kuchaza ukuthi amaciko asezandleni ezifudumele. Ukumbona ehambela thina singenalutho endaweni yasemakhaya kusenze saphila,’ kusho uGcwensa.
Uthi Amaviyo aqale ngonyaka wezi-2012
“ Inhloso yethu ukuzobonga kubazali ukuthi basithwalile ngokuseseka. Ngizobonga kwiqembu laMaviyo yingakho sizobaklomelisa ngemiklomelo yezindondo,” esho.
Uthi ukuqala kwaleli wembu, kwaba nomthelela omkhulu, ukunqanda intsha ingabi wuvanzi.
UNgqongqoshe Khawula uthe kungumsebenzi wakhe ukuhambela umcimbi wamaciko ngaphandle kokubheka ubuncane nobukhulu.