Uncategorised

KUQWASHISWE AMALUNGA OMPHAKATHI NGESIFO SAMATELE

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula ngesikhathi ethula inkulumo yakhe eMlalazi. ISITHOMBE: KZNDSAC

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE weZemidlalo, amaCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, uhole umkhankaso eMlalazi Kweyami Neyakho, eShowe, ngenhloso yokuqwashisa amalunga omphakathi nokuwahlomisa ngolwazi ngombhedukazwe wesifo samatele.

Lo mkhankaso oholwa uhulumeni wesifundazwe, kuzona zonke izifunda njengoba ungqongqoshe ngamunye engushampeni wezentuthuko esifundeni sakhe, uhlose ukunqanda ukubhebhetheka kwesifo samatele esidla lubi emfuyweni kuzwelonke.

Abashayeli bezimoto banikwe amapheshana aqukethe ulwazi mayelana nokulawulwa kwesifo samatele, nokuphathwa kwemfuyo ebezinsele.

UNgqongqoshe uMnuz Khawula unxuse abafuyi ukuthi baqikelele ukudipha izinkomo, nokulandela yonke imigomo ebekiwe elawula ukuthuthwa nokudayiswa kwemfuyo.

“Njengoba kunemfuyo enezinseka ezivuleke kakhulu phambili umgomo uthi musani ukuzihambisa, aziye emadlelweni zingahlali ekhaya futhi nakhona emadlelweni bengahlangani nemfuyo yakweminye imizi. Musani ukudedela izinkomo zenu zibe omahlathini ngoba lesifo siqhamuka kakhulu emahlathini okuyilapho emaningi khona. Yekani ukudedela imfuyo ibe uvanzi iqoqeni. Okufanele nikwazi ukuthi anisavunyelwe ukuyolobola ngemfuyo engahloliwe kanye nokuyidayisa ingahloliwe uMnyango wezoLimo. Kufanele kwenziwe isiqiniseko sokuthi iphephile, ngokuthi ifakwe zonke izithako ezizokwenza ukuthi ingacoshi igciwane elandisa amatele,” kusho uNgqongqoshe uKhawula.