Uncategorised

KUQWASHISWA UMPHAKATHI NGOBUNGOZI OBUTHOLAKALA EKUDLENI

ABASEBENZI bakaMasipala weTheku beqwashisa amalunga omphakathi ngobungozi obutholakala ekudleni. Isithombe: eThekwini Municipality

NOMCEBO NGEMA

UBE impumelelo umkhankaso kaMasipala weTheku ngaphansi koPhiko lwezeMpilo wokuqwashisa izakhamuzi zaseNanda ngobungozi obutholakala ekudleni.
Lo mphakathi uthole ithuba lokuhlonyiswa ngolwazi nezindlela ezifanele zokuphatha ukudla, nobungozi obutholakala kukhona ukudla.
Bafundiswe kabanzi ngokubaluleka kokugcina ukudla kuhlanzekile futhi kulondolozwe ngendlela efanele ukuze kugwemeke izifo ezithathelana ngokudla.

Lo mkhankaso ubuhlanganisa abapheki bokudla emphakathini, ngenhloso yokubakhuthaza ukuthi babambisane ekuvikeleni impilo yezakhamuzi kanye nokwakha isiko lokugcinwa kokudla ngendlela ephephile emiphakathini.