OWE-PIRATES UMINCILE NGOWE-NEDBANK CUP

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
UMQEQESHI we-Orlando Pirates uJose Riveiro umincele ifayinali yeNedbank Cup, azoyidlala neKaizer Chiefs eThekwini ngempelasonto ezayo.
Okwenze ahlale ngesinqe esisodwa ukuthi abadlali bakhe abane abamqoka basengcupheni yokuphuthwa ilo mdlalo weSoweto Derby, ngoba sebethole amaphuzu amathathu aphuzu. Uma bethola elinye futhi emdlalweni abazowudlala neSekhukhune-United namhlanje ngoLwesithathu e-Orlando Stadium eGoli ngo-7.30pm. Laba badlali nguTapelo Xoki ongomunye wokapteni, Thalente Mbatha, Patrick Maswanganyi noRelebohile Mofokeng. IPirates isibheke ukujabulisa abalandeli bayo ngokuthi iqubule le ndebe ngemuva kokuphoxa ikhishwa kuma semi finals iPyramids FC kwi-CAF Champions League e-Egypt ngempelasonto edlule. Khonamanjalo, iChiefs yona izodlala ngaphandle komgadli uWandile Duba, ozobe edonsa isigwebo. UDuba ungomunye wabadlali abancane asebekhombise ukudlondlobala, ukungabi bikho kwakhe kulo mdlalo kuchaza ukuthi kuzomele uNasredine Nabi aqhamuke neqhinga lokuthola amagoli okucoboshisa Ezimnyama.

