Uncategorised

UTHI ABOKUFIKA ABANGENAZO IZMVUMO ZOKUBA KULELI ABAYE EMAKUBO

ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

ALUFAKWA lubuya nodaka kuNdunankulu waKwaZulu-Natal, ngodaba lwabokufika abangenazo izimvumo zokuba kuleli, ababhekise amabombo emakubo.
UNdunankulu uNtuli ushayele isipikili sokungancethezi ngabokufika abakuleli ngokungemvumo, kodwa asebenemisenzi abaqashwe kuyo nalabo abanezipaza.
Ukusho lokhu ngesikhathi evala umcimbi wemidlalo yamaSALGA KZN DSAC 2024, e-Nkosi Albert Luthuli Internstional Convention Centre, eThekwini.
“EMadadeni kuqashwe abokufika abangenazo izimvumo ayi-220, le misebenzi ekufanele engabe kuwashwe abantu balapha,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uthi uzoqinisekisa ukuthi akekho owokufika ongenayo imvumo ongumnikazi wesipaza.
“Zizobuyela kubantu bakuleli izipaza ezisemagameni abokufika abangenazo izincwadi. Bonke nje abokufika abangenzo izimvumo zokuba kuleli, abapakishe imithwalo babhekise amabombo emakubo,” kubeka uNdunankulu uNtuli.