Uncategorised

BAZOBHEMA BAKHOLWE KOWE-INKKASI XPERIENCE

UMNUZ Philani Ngwenya ekhuluma nabezindaba ngezinhlelo zakulonyaka.

UNKK Gugu Khumalo oqhamuka ehhovisini loMnyango wezeMidlalo, wezamaCiko namaSiko.

NOMCEBO NGEMA

KUZOHLOMULA inqwaba yosomabhizinisi abancane bendawo kuphinde kuhlomule nabaculi abasakhula endimeni, kwindumezulu yomcimbi oba minyaka yonke KwaMashu owaziwa nge-INKKASI XPERIENCE, ezokuba sePrincess Magogo Stadium, mhla ziyi-15 kuZibandlela.

Lokhu kuvele ngesikhathi abahleli balomcimbi bebize isithangami sabezindaba bechaza kabanzi ngezinhlelo zakulonyaka nokuthola imibono eya phambili ezokhulisa lo mcimbi.
UMnuz Philani Ngwenya ongumsunguli walo mcimbi, uqale ngokuxolisa kubantu baseNingizimu Afrika ababeyingxenye yalomcimbi ngonyaka odlule njengoba kwaba nezingqinamba, uthi kulonyaka konke kuzohamba kahle.
Uthi kulonyaka abantu abalindele into esezingeni eliphezulu kakhulu njengoba iziteji zizoba mbili esinye sizobheka ngalapho kuhlala khona abantu (pavilion), ezokuphepha zizoqina kakhulu kanjalo nabaculi abazonandisa abafani nabangonyaka odlule. “Kulonyaka sibophele uDj Maphorisa, Kabza De Small (Scorpion King) nezinye izinkakha zizobe zilapha elokishini lethu. Lo nyaka lo mcimbi ungowe-11 ukhona, sisaqala sasiwenzela epaki esigcemeni sakwa-G njengoba manje ususenkundleni yezemidlalo. Osomabhizinisi abancane sebethumelile izinto zabo bechaza ukuthi bazodayisa ini ngoba asifuni ekugcineni badayise into efanayo bonke,” kuchaza uMnuz.
Uthi abantu abasuke bengonogada, abadayisi, abasuke befaka isiteji kusuke kungabantu bendawo yase-Inanda, Ntuzuma, KwaMashu (INK) ngoba ukukhuluma komnotho wendawo yikhona abakubeka eqhulwini.
UNkk Gugu Khumalo oqhamuka kuMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko, uthi izindawo zasemalokishini zinamathalente amaningi kodwa abakwazi ukuwathuthukisa uma amalunga omphakathi engezi kubona.
“Ziningi izindlela esithuthukisa ngayo lamathalente uma sesiwatholile okubalwa umculo, ezemidlalo, indlamu, umgido nokunye okuningi. Siyabathatha sibayise kwimincintiswano, bathole uqeqesho, siphinde sibabhalise ezindaweni esisebenzisana nazo okuyizinhlangano zamaciko,” kusho uNkk Khumalo.
Abaculi abazoshiyelana inkundla uMawhoo, Morda, Dj Tira, Zola 7, uShenge Wasehlalankosi, Black Diamond, Zakwe, Duncan, Dj Happygal, Big Nuz kanye nabanye abaningi. Abaphathi bezinhlelo uNgizwe Mchunu, Thah Simelane, Ngabade, Gap nabanye abaningi.

Lo mcimbi uzoba nemicimbi yokugqugquzela abantu ukuthi bathenge amathikithi (activations). Amathikithi atholakala eTicket Pro, ngo-R200, R250, R300 kanye noR400.