OWE-GENERSTIONS EMJOLWENI NESIQUMAMA SASE-ZIMBABWE

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
ZIYAQONGA izinsolo zokuthi isiphalaphala esingumlingisi no-DJ uThuli Phongolo usejola nosomabhizinisi ophinde abe usopolitiki waseZimbabwe uScott Kupa.
Kuzokhumbuleka ukuthi uThuli usanda kuhlukana kabuhlungu no DJ Maphorisa ngemuva kokumvulela icala lokuthi umbeke isandla.
UScott Kupa uke waba sematheni ngokujola noMihlali Ndamase odume ngokuba i-social influencer nodume ngokujola namadoda adla izambane likapondo.
Kuqonga izinsolo zokuthi ngempela uThuli noScott bayajola nje ingenxa yokuputshuka kwezithombe zonyanyavu lwemoto iLamborghini ekuthiwa ithengelwe le ntokazi. UThuli usanda kukhuza ibuya ekulingiseni kwiGenerations: The Legacy ayeyisishiye eminyakeni edlule. Ngesikhathi esengena emkhakheni wokuba u-DJ. Ngesikhathi eveza izithombe zokuthi ushayiwe, wabuye walivala icala eRandburg Magistrate’s Court, okuyinto eyacika kakhulu izishoshovu ezilwa nokugwema ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
