Uncategorised

UBANJWE INKUNZI UMAKA-THANGITHINI WODUMO

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

BUYADLANGA ubugebengu kwizimoto ezikhokhisa ngokuhamba amabanga, kulandela ukubanjwa inkunzi usomahlaya odume ngelika MakaThangthini, ogama lakhe langempela nguSimthande Myeza odabuka eNkandla. UMakaThah ubize enye yalezimoto zamabanga uBolt eMbilo eThekwini kanti akabuzanga elangeni. Imoto ihambe naye yase ijika indlela iya la engazi khona. Uthe uma ebuza ukuthi sekwenzenjani yashintsha indlela? Umshayeli uyimisile, kwangena abesilisa ababili nokuyilapho bemhlubule akugqokile, bamshaya, bathatha umakhala ekhukhwini, bakhipha kwasani okuyimali. Bathe mabebona ukuthi kanti ungubani, base bethi akashayele izihlobo nomndeni wakhe afune usizo lwemali.
Lokhu kuqinisekiswe isitatimende esikhishwe umndeni. Bathi uMakaThah ukhona futhi uphephile la akhona futhi uyelulama.