IGWETSHIWE INTOMBAZANE EYABULALA UNINA

BAGWETSHWE iminyaka engama-20 bebhadla ejele u-Amahle nesoka lakhe uNhlakanipho. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
IGWETSHWE iminyaka engama-20 ibhadla ejele intombazanyana yaseFolweni eyabulala unina oyizalayo, uNkk Buhle Chiliza (52). U-Amahle Ngcobo oneminyaka eyi-20 ubudala kulonyaka owagila lo mhlola eneminyaka eyi-18 ubudala, mhla ziyi-18 kuLwezi ngonyaka ka-2024.
Inkantolo ayigwebanga u-Amahle kuphela kodwa igwebe nesoka lakhe uNhlakanipho Shange oneminyaka engama-21 ubudala naye ogixabezwe iminyaka engama-20 ebhadla ejele.
Ngesikhathi kuqhubeka leli cala kuvele ukuthi laba bobabili babefunda umatikuletsheni, ngesikhathi benza lesigameko, balivuma icala kulandela isivumelwano phakathi kombuso nabameli babo ukuze kugwenywe isigwebo sikadilikajele.
Kuthiwa u-Amahle wavulela abasolwa kubo umnyango ebusuku kwathi sebengaphakathi ayemdibimunye nabo, bagwaza unina, owashona enamanxeba amaningi esifubeni. Ngesikhathi inkantolo ikhipha isigwebo, u-Amahle uvele wadinda isililo wacela uxolo kugogo wakhe.
