Uncategorised

KUKHUZWE O-NOMEHLO ABANKUNKA UTSHWALA KOWO-MHLANGA

ANELE ZUMA

KUKHUZWE uphuzo komama abangoNomehlo, ukuze nezintombi-nto, zingagcini sezibona sengathi kuyinto enhle.
Lokhu kushiwo uNomehlo uNkk Radebe, ngesikhathi kunomcimbi iSiyaya Emhlangeni, KwaMpumuza eMgungundlovu ngoMgqibelo.
“Bomama kufanele sigweme uphuzo oludakayo ngoba inkalankala ibona enye ihamba lukeke, nayo bese ihamba lukeke, “ esho.
Uphinde wancoma indima eklanywa ngomama kokuqinisekisa ukuziphatha kwezintombi.
“Sicela ukubambisana nabazali singonomehlo ukuqinisekisa izingane ziyazigcina. Ukuqinisa usiko lokuzigcina kwezintombi kuncike kumzali, uNomehlo nentombi, yingakho kufanele sisebenzisane,” kubeka uNomehlo uRadebe.
Ubonge uMnyango wezemiDlalo, ezobuCiko Namasiko abasebenza ngaphansi kwawo, ukuqinisekisa ukuthi lo umsebenzi kuyenzeka.

INdlovukazi uKaNdlovu wakwaLinduzulu wethule iziyalo zokugcina ngokulindeleke kuzo Emashobeni,
“Enye yezingqinamba esibhekene nazo indlela yokuziphatha kwezintombi kanye noNomehlo. ONomehlo abaphuzayo kumele bahambele kude nalomsebenzi, bangazikhathazi ngokuza esigodlweni eMkhosini womhlanga uma bengeke bakwazi ukuzithiba emanzini amponjwana.”

Uphinde wagcizelela ukuhlonipha, ukulalela kanye nokuziphatha kahle kwezintombi lapho ziphambi kweSilo.
Lo mcimbi ubuhanjelwe uNdlovukazi KaNdlovu waKwaLinduzulu, uMntwana uMukelile waKwaLinduzulu, Inkosi uMkhize, iNkosi uMolefe nabanye abaningib