Uncategorised

ISIFAKE KABUSHA ISICELO SEBHEYILI INKOSI YAKWA-ZUMA

INKOSI Simphiwe Zuma ebhekene noxhaxha lwamacala okubulala. Isithombe: Facebook

NOMCEBO NGEMA

IVELE okwesithathu ngoLwesihlanu enkantolo yeMansthi yaseHowick indodana kamfowabo kalowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma okuyiNkosi Simphiwe Zuma (55) ngenhloso yokufaka isicelo sebheyili kabusha.
Le Nkosi isolwa ngecala lokubulala uSotshwebhu weqembu leDemocratic Alliance (DA) uKhansela Nhlalayenza Ndlovu (okungumshana wakhe) kuMasipala uMngeni.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini iNkosi Zuma ibhekane nengwadla yokunqatshelwa ukufaka isicelo sebheyili selokhu yaboshwa.
Lokhu kwacasule abaholi beDA njengoba umholi waleli qembu KwaZulu-Natal uMnuz Francois Rodgers wakhala ngokuthi ukuhlehliswa kwesicelo sebheyili kubambezela leli cala futhi kuyaqhubeka nokuzwisa ubuhlungu iqembu kanye nomndeni wakwaNdlovu. “Kuyephulile imimoya yethu lokhu okwenziwe iMantshi ngoba kubambezela icala esifisa lisheshe liqulwe ukuze umndeni wakwaNdlovu ukwazi ukuthobeka amanxeba. Lokhu osekwenzeka empeleni sekuzosiphoqa ukuba siluthathe udaba siludlulisele eMnyangweni wezoBulunguswa kuleli,” kuchaza Rodgers.

INkosi uZuma isolwa ngokuba ungqondongqondo ekuhlelweni kwetulo lokubulawa kukaNdlovu okwenzeka ngonyaka ka-2023. Ngokobufakazi obethulwa ngenyanga eyedlule enkantolo kwavela ukuthi iNkosi uZuma yahlela itulo lokuthi kubulawe uNdlovu ngoba kwakubangwa ukufakwa endaweni ugesi ongekho emthethweni. Kuthiwa Ndlovu wayephikisana nokuthi kukhokhiswe abantu ukuze kuthengwe isigubhu sikagesi owawuzophakela umphakathi.
Kwavela ukuthi ngaleso sikhathi uNdlovu wayekhala ngokuthi abakwa-Eskom bazobuya basikhiphe isigubhu ngoba akukho emthethweni okwenziwayo. kodwa imali yaqhubeka yaqoqwa. Kuthiwa isigubhu sathengwa safakwa kodwa umuzi kaNdlovu wakhishwa ngaphandle awangafakelwa ugesi.
Ngemuva kwalokho kuthiwa kwafika abakwa-Eskom bawunqamula ugesi nokwabe sekusolwa ukuthi uNdlovu nguye obeyimpimpi maqede wasocongwa.
INkosi uZuma selokhu yaboshwa uma ivela enkantolo ivele ikhihle isililo sikaNandi , akugcini lapho kodwa isiphatha neFodo lakwaShembe elinesithombe soNyazilwezulu bese iyathandaza ebhokisini phambi kweMantshi.
INkosi ayibhekene necala lokusolwa ngokubulala uKhansela Ndlovu kuphela kodwa ibhekene namanye amabili okungawokubulala iNduna uQalokunye Zuma okunguMzala wayo khona endaweni yakwaNxamalala kuMasingana ngonyaka ka2023 kanye noXolani Ndlovu- Ntombela naye owabulawa ngoLwezi ngonyaka ka2022.
UMholi woMkhonto weSizwe uJacob Zuma usekewavela enkantolo ezoyeseka indodana kamfowabo.