UYELULAMA UKHUMALO OXINWE UKUGULA KWIKHOMISHANA

UGENERAL Dumisani Khumalo uzoqhubeka athule ubufakazi kwiKhomishana kaMadlanga maduze. ISITHOMBE:NEWS 24
NOMCEBO NGEMA
KUBIKWA ukuthi ululama kahle uGeneral Dumsani Khumalo owavele waxinwa ukugula isigubhukane ngesinsuku zakhe zokwethula ubufakazi kwiKhomishana kaMadlanga esaqhubeka namanje.
Amaphoyisa aseqinisekise ukuthi kunophenyo olunzulu oluqhubekayo kulandela ukugula kukaGeneral waze waphuthunyiswa esibhedlela. UGeneral Khumalo uzoqhubeka nokwethula ubufakazi maduze. UGen Khumalo ubanjwa ukugula lapho umhlaba wonke ububheke ukuzwa uhlangothi lwakhe kulandela ukuthi uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, abalula igama lakhe.
ULt General Mkhwanazi wavulela amabhomu kwisithangami sabezindaba, okuyilapho ayephahlaza obala amagama ezikhulu ezithinteka kwinkohlakalo okubala naye uGen Khumalo.
UGen Khumalo ngesikhathi eqala ukuhlala kwikhomishana kaMadlangala, ubesevele esezikhindini ngenxa yokusolwa ngenkohlakalo.
