Uncategorised

ABEMASHI BAGXIBHE AMAPHOYISA ASE-POINT

AMALUNGA eMarch And March emasha edolobheni eThekwini.

NOMCEBO NGEMA

UMPHAKATHI obuyingxenye yeMarch And March adinwe egane unwabu atshele amaphoyisa asesiteshini iPoint ukuthi awanamsebenzi walutho, kulandela inqwaba yamacala abathi abikwa kulesiteshi athinta abokufika kodwa agxotshwa ngezinyawo.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi amalunga eMarch And March okuyinhlangano belwisana nabokufika abangenazo izimvume, abathi abahambe, ngesikhathi kunemashi eduke City Hall, yasongwa esiteshini samaphoyisa ePhoyinti, lapho kuthulwe khona uhlu lwezikhalo.
UJacinta Ngobese-Zuma onguMholi weMarch And March futhi ophinde abe umsunguli wayo, uthi kulesi siteshi samaphoyisa kunamaphoyisa enza kahle umsebenzi wawo, bese kuba khona ayizigebengu.
Uthi lawa enza kahle umsebenzi wawo agcina esecindezelwa ilawa ayizigebengu.
“Sifuna lamaphoyisa enza ubugebengu ashawe unembeza futhi ngiyazibuza ukuthi engabe kuthini kunina njengoba nisidayisa kubantu bokufika. Abokufika abalapha ngokungemthetho abahambe baphindele emazweni abo. HlanganaZulu,” kusho uJacinta .
UNksz Jabu Mkhwanazi onguMgcinimafa kwiMarch And March eMgungundlovu uyena ofunde uhla lwezikhalo ezibhekiswe emaphoyiseni.
“Izinto esikhala ngazo kakhulu, nezikhona kuhlu lwezikhalo sikhala ngamaphoyisa akhokhelwayo ukuze kugqitshwe icala, abokufika abadayisa izidakamizwa esezibulale abantu abasha bakuleli, ukudayisiswa kwabesifazane ngemizimba kanye nokwengamela kwabo inqwaba yamabhilidi namabhizinisi edolobheni kodwa bengenayo imvume. Le ndawo yasePoint abokufika baseNigeria bayibiza nge-Lagos, wake wayibonaphi iLagos eNingizimu Afrika? Labantu bafuna ukusiphuca konke okungokwethu,” kusho uNksz Mkhwanazi.
Le mashi ibihanjelwe izinhlangano ezahlukene okubalwa i-IFP, EFF, iMK, iMK Labour Desk, uMnuz Zwakele Mncwango we-Action SA, u-Ayanda Msweli, uPhakelumthakathi owaziwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana nabanye abaningi, kanti isuke eDurban City Hall yaze yayophelela esiteshini samaphoyisa iPoint.