Uncategorised

UMGUNGUNDLOVU USUKULUNGELE UKUSINGATHA AMA-SALGA

UNGQONGQOSHE uMnu Mntomuhle Khawula ngesikhathi kuqhubeka umviliyelo wama-Salga games eMgungundlovu.

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnu Mntomuhle Khawula wethule ngokusemthethweni imidlalo yama-SALGA games namhlanje eMgungundlovu njengoba kulonyaka kuzoba unyaka we-17 aba khona.
Lo mcimbi uqale ngokuthi kube nomviliyelo oqale emgwaqeni uLanga Libalele ngasesikhungweni semfundo ephakeme i-Unisa waze wayophelela eFreedom Square,kunabaholi, kunomculo omnandi , kukhona nabafundi zesikole namalunga omphakathi.
UNgqongqoshe uMnu Khawula uthi iKwaZulu-Natal yenza ezibukwayo kwezemidlalo njengoba isiqubulo sakulonyaka sithi “feel it, it is here” okuyisiqubulo esasisetshenziswa ngonyaka ka-2010 kumqhudelwano wendebe yomhlaba.
“Ama-Salga games Kwazulu-Natal kanye noMnyango wezeMidlalo bengeza ikhasi elisha kwezemidlalo esezibe impumelelo emlandweni. Iziteki zakulonyaka zinkulu kakhulu futhi kuyasijabulisa ukubona abadlali kanye nabaculi abaqhamuka kwimikhandlu eyi-11 eyakhele lesi sifundazwe beqhudelana. Njengoba sethula lo mcimbi ngokusemthethweni lokhu kusho ukuthi uMgungundlovu usukulungele ukusingatha le midlalo,” kusho UNgqongqoshe.
Ama-Salga games azoqala mhla-04 kuya zi-08 kuZibandlela kulonyaka.

UMDANSO kanye nomculo wezinsimbi ubusho phezulu edolobheni eMgungundlovu. Izithombe: KZNDSAC