KUNIKELWE NGEZINKUNDLA ZEMIDLALO EYAHLUKENEHLUKENE EZIKOLENI

ZIHLOMULE ngezinkundla zemidlalo eyahlukene izikole zamabanga aphansi naphezulu.

INkundla Yezemidlalo ehlukahlukene
ISITHOMBE: Sports, Arts & Culture
MALIBONGWE MAZIBUKO
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula, unikele ngokusemthethweni ngezinkundla zemidlalo ezakhiwe kabusha ezisetshenziswa ukusingatha imidlalo eyahlukahlukene, e-Umalusi Primary School esigodini saKwaQwabe kanye naseMgamule High School esigodini saKwaDweshula, ogwini oluseNingizimu yesifundazwe saKwaZulu-Natal namuhla.
Uhlelo lokunikezelwa kwalezi zinkundla luqale e-Umalusi Primary School, ngaphambi kokuthi luqhubekele eMgamule High School, lapho abafundi, othisha, abazali kanye nomphakathi bebebuthene khona ukuzobona ukwethulwa kwalezi zinkundla ezintsha.
Lezi zinkundla ezaziwa ngokuthi ama-“Combo Courts” zakhelwe ukusingatha imidlalo ehlukene okubalwa kuyo tennis, ibasketball, inetball nevolleyball, ngenhloso yokwandisa amathuba okubamba iqhaza kwabafundi kwezemidlalo.
UKhawula uthe lolu hlelo luyingxenye yemizamo yomnyango yokuqinisa ukuthuthukiswa kwezemidlalo ezikoleni, kusukela emazingeni aphansi emphakathini. Ubalule ukuthi lezi zinkundla zizovulela intsha amathuba okuthuthukisa amakhono ayo, kwezemidlalo nokuphila impilo enempilo.
UNgqongqoshe Khawula uphinde wanxusa izikole ezihlomulile, ukuthi zabelane ngalezi zinkundla nezikole ezingomakhelwane, ukuze kuhlomule umphakathi wonke wesifunda.
Ubonge abaphathi bezikole, abafundi, abazali kanye nababambe iqhaza emphakathini ngokweseka nokubambisana ngesikhathi kuqhubeka lo msebenzi.
