INCAPHA KWA-SABC KUMISWA ABALINGISI BO-UZALO

MABUNHLE MLABA
BASHAQEKILE abomdlalo kamabonakude okhonjiswa kwaSABC 1 , kulandela ukuthi abasebenzi bawo bethole izincwadi zokumiswa kokuqoshwa.
Laba basebenzi bathi bathuke boma ngoba kuyaqala ukuthi kube yiyona etshela izisebenzi zayo ukuthi zingayi emsebenzini, kuze kube ziyaziswa ukuthi zibuyela nini.
Phambilini le nkampani ibikhomba incapha kwi -SABC njengembangela yokungakwazi ukuholela abalingisi balo mdlalo.
Incwadi ebhalwe izikhulu zeStained Glass ibikubeka ngokusobala ukuthi isizathu sokumiswa kwezisebenzi yingenxa yezinkinga zemali.
“Sicela nazi ukuthi siyaxhumana neSABC ngenhloso yokuthi sifinyelele esixazululweni ngokushesha. Siyakuqonda ukuthi lokhu kunamuphi umthelela kinina, kodwa sizimisele futhi sizonazisa ngokuhamba kwesikhathi okuqhubekayo,” kusho incwadi.
Uzalo lusahamba phambili ngababukeli kwaSABC, kodwa kubukeka lwehlelwa yisasasa njengoba nesibalo salo sesehle ngendlela emangalisayo uma kuqhathaniswa neminyaka eyedlule.
