Uncategorised

KUMUNCU KWI-SUNDOWNS EGUQISWE KWI-CARLING

MALIBONGWE MAZIBUKO

I-MAMELODI Sundowns ibhedelwe izinto kumdlalo wokuqala we-Carling Black Label knockout cup beguqiswa i-Marumo Gallants emaphenathini.

Ukuphuma kwe-Kabo yellow kulo mqhudelwano kusho ukuthi leli qembu seliphumile kumqhudelwano wenkomishi yesibili kulesizini emva kokuba baguqiswa i-Orlando Pirates kumqhudelwano weMTN 8 kowandulela owanqamu emaphenathini, sekuphinde futhi kwagadla ne-Marumo Gallants, lo mdlalo uphele kungekho engobe uphondo kwaba 0-0 emidlalweni kwaze kwaphoqeleka ukuba uyopheleliswa emaphenathini, unozinti we Gallants u-Washington Arubi ubambe amaphenathi amathathu, igcine inqoba ngo 7-6 bedlulela kwesinye isigaba kulo mqhudelwano .
Umqeqeshi weqembu le-Mamelodi Sundowns uphenduke umzondo kubalandeli beqembu, njengoba kubonakala sengathi uyahluleka ukuhola lomkhumbi kanti ngaphambilini abalandeli be-Downs bese bemshaya amakhala lomqeqeshi, bengabuthembi ubuholi bakhe kusukela ahluleka unqoba indebe ye-CAF Champions League ngesizini edlule eyagcina ithathwe iPyramids FC yase-Egypt.

Kulindeleke ukuthi abadlali abayisishiyambili beqembu le-Sundowns benikele esikwatini se-Bafana Bafana njengoba kuzoba ikhefu lemidlalo yokuhlungela indebe yomhlaba ka 2026, abadlali abahambayo kubalwa: Tebogo Mokoena, Bathusi Aubaas, Aubrey Modiba, Khuliso Mudau, Malibongwe Khoza, Iqraam Rayners, Romwen Williams kanye no-Thapelo Morena.