Uncategorised

INTOKAZI YASEMPHITHI ITHWELWE NGEQOMA KOKA-ZIME

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

ITHWELE amathemba esifunda uMgungundlovu intokazi esencane uNombulelo Mthembu ongenele uMiss National South Africa ozokuba eBlue Waters Hotel eThekwini ngoMgqibelo.
Le ntokazi eneminyaka engu-15 engumfundi kaGrade 10 e-Estcourt Secondary inamaphupho okwenzela izinto ezinkulu intsha yangakubo eMooi River uma ingahlabana ngempelasonto. Ithi ifuna ukuba yisibonelo saleli dolobha laseMidlands ngokuba ivulandlela ngokuqhamuka nezinto ezingafukula intsha yangakubo.
“Ukudla umhlanganiso kulo mqhudelwano kongithwesa umthwalo wokuthi ngisebenze kanzima ukuze ngibe isibonelo. Njengoba sengifike kulesi sigamu somncintiswano bekungelula kodwa ngokwesekwa umndeni wami nabangani sengiphuzile ngafika lapha,” kusho le ntokazi ehlala kuWard 5 Town View.
Unxenxe abantu bamvotele ngobuningi ukuze kufezeke leli phupho lakhe.
UNombuso, onesifiso sokuba i-air hostess, uzoya kulo mncintiswano engabe ngesipiliyoni sokuyokhangisa ngobuhle nobuhlakani kuMiss Teen Remarkable ngonyaka odlule. Wabuya nomklomelo iMiss Best Dressed.
Ozobaqwaqwada bonke emakhanda ngempelasonto uzohlabana ngesicoco seQueen alandelwe iFirst Princess noweQueen of Charity.
Imeya yaseMooi Mpofana Local Municipality uMaureen Magubane income uNombulelo ngokufinyelela kumafayinali. Uthe kumele intsha isike iphethini kuye wase enxenxa umphakathi uvote ngobuningi. “Ngokungena nje kumafayinali uNombulelo useyiphakamisile iMooi River. Simfisela inhlanhla,” kusho iMeya. Kuzobe kuncintisana nezinye izintokazi ezivela eGoli, Eastern Cape, Free State, Limpopo, Northern Cape neMpumalanga.