UBUHOLI BUKA-NTULI ABUCONSI PHANSI KUBATSHALIZIMALI

UNDUNANKULU waKwa-Zulu Natal UMnuz Thamsanqa Ntuli ethula inkulumo ngosuku lwenkululeko. ISITHOMBE: GCINA NDWALANE
PRO NDLOVU
UBUHOLI bukahulumeni waKwaZulu-Natal obuholwa uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli, benza ezibukwayo ekunxenxeni abatshali zimali esifundazweni, selokhu buthathe izintambo ngemva kokhetho lwangonyaka ka-2024.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu enkulumweni yakhe ngosuku lweNkululeko emcimbini omkhulu obewuhlelwe uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, eMnambithi ngoMsombuluko.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwabikwa ukwehla okukhulu kokutshalwa kwezimali kulesifundazwe, kulandela ukuba khona kwezibhelu zokulutha ezenzeka ngonyaka ka-2021.
UNtuli uthi kuthe uma kuthatha izintambo uhulumeni wokubambisana oholwa nguNdunankulu uNtuli kwaphinde kwakhanya futhi, babuya ngamandla abatshalizimali.
“Kuzokhumbuleka ukuthi isifundazwe sike sakhahlamezeka kakhulu emva kwezibhelu zokulutha kwaze kwabaleka abatshalizimali, kodwa sizishaya isifuba ngalokhu esesikwazile ukukubuyisa ngoba sesinxenxe abatshalizimali saze sadlula esilinganisweni ebesisilindele, futhi sisaqhubeka”, kusho uNtuli.
Ngokusho kukaNdunankulu sebefike badlula ngisho ku-R118 billion wokutshalwa kwezimali selokhu athatha izintambo, nokungaphezu kwalokho ababekulindele okuyizigidigidi ezingama-R95 billion. “Sikwazile ukusidlula ngonyaka owodwa nje vo uthathe izintambo ngoba ngonyaka ka-2025, kumenyezelwe kwiKwa-Zulu Natal Trade and Investment Conference, ukuthi uhulumeni ukwazile ukwenza uR101 billion ngalesosikhathi. Kanti sidlule isilinganiso esisificile kuhulumeni obephethe obekungu-R85 billion. Sisaqhubeka asimile njengoba seziphinde zanyuka futhi izibalo, “kubeka uNdunankulu uNtuli.
Uthi lokhu kujabulisa kakhulu ngomnotho wesifundazwe futhi
kujabulise abantu abaningi abebethamele umcimbi ngoba kungezinye zezinkomba zokusebenza kahle kukahulumeni wesifundazwe. “Sisazoqhubeka nokusebenzela isifundazwe sethu, kuphela nje abantu kumele babekezele futhi basithembe ngezinqumo esizithathayo”, kuphetha uNtuli.
