Uncategorised

UMLINGISI UYAZIGQAJA NGOKUSEBENZA ENDAWENI YOKUDLA

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

KWETHUSE abaningi ukubonakala komlingisi obedlala kuScandal uLerato Nxumalo, eveza ukuthi usesebenza esitolo sokudla phesheya kwezilwandle eSweden.
Uveze ukuthi uhola imali eyi-R20 000 ngezinsuku ezimbili. Le ntokazi edabuka KwaMashu neyayilingisa indawo kaPhakamile Mdletshe kulo mdlalo wakwa-etv, yenameke izithombe zayo ku-Instagram igqoke umfaniswano wasemebenzini imatasa ibeka itiye ne-coffee emashalofini e-ICA Gruppen.
Ubhale kanje;
“I’m so early today, I might even get a promotion for my eagerness. #day2AtTheJob,” (Ngaze ngafika kusanesikhathi emsebenzini. Kungenzeka ngizitholele ne promotion ngenxa yokuthanda kwami umsebenzi).
Abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana bamncomile ngokungafihli uhlobo lomsebenzi awenzayo, ngoba okumqoka ukuba nemali ukuze uqhubeke nempilo kukhokheke nezikweletu.
Ngesikhathi ephuma ekulingiseni kwiScandal ngonyaka odlule wavezela abalandeli bakhe ukuthi usethathiwe.
Uthenjiswe umshado isoka laseSweden. Nokho ubukeka engafuni ukuthi leli soka lakhe eliwumlungu laziwe njengoba evamise ukulifihla ubuso.
Yize esesebenza esitolo sokudla, usazobonakala kumabonwakude njengoba ezovela kuGenesis okuyi telenovela yakuMzansi Magic egabe ngabalingisi abanjengoBuyile Mdladla, Baby Cele noNay Maps. Phambilini useke walingisia kuDurban Gen engu Dr Luthuli nakuLingashoni enguMpumi Cele.