Uncategorised

OSOMATEKISI BAZOFUNDISWA NGABAKHUBAZEKILE

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal uMfundisi Musa Zondi obemele neminye iminyango kwiPhalamende labaphila nokukhubazeka. Isithombe: KZNEDTEA

NOMCEBO NGEMA

IBESEQHULWINI eyokuqeqeshwa kosomatekisi ngokubaluleka kokuphatha kahle abantu abakhubazekile, ngesikhathi kunephalamende, ehholo eSibusisiwe eMandeni.
Lokhu kuholele ekutheni kuqale izingxoxo zoMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe Siboniso Duma, okuyiwo ozokuqeqesha osomatekisi ngendlela yokuxhumana nokuphatha kahle abantu abaphila nokukhubazeka.
Leli phalamende belihanjelwe izihambeli ezivela kwizifunda zaKwaZulu-Natal eziyi-11.

UNgqongqoshe uMnuz Musa Zondi uthi uMnyango wezokuThutha unezingxoxo nemboni yamatekisi zokwakha uhlelo lokuthutha abantu abaphila nokukhubazeka.
“Akuwona uMnyango wezokuThutha kuphela onezinhlelo kepha neminye iminyango okubalwa owezeMpilo, owezokuThuthukiswa koMphakathi, owezeMfundo, owezabaSebenzi neziNkantolo. Sebeqalile ukuqeqesha abasebenzi babo ngendlela yokuxhumana nokuphatha kahle abantu abangakwazi ukuzwa, abangaboni futhi abangakwazi ukukhuluma.” Kusho uNgqongqoshe uZondi.

Uqhube wathi lolu hlelo lubonwe njengendlela enhle yokwakha isifundazwe saKwaZulu-Natal esibandakanya wonke umuntu, lapho amalungelo nezidingo zabantu abakhubazekile kuyahlonishwa