UNGCONGO USHAYELA IHLOMBE UHULUMENI WESIFUNDAZWE

IMEYA kaMasipala waseRichmond uCllr Mmeli Ngcongo ngesikhathi emukela izihambeli.

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula neMeya kaMasipala waseRichmond. IZITHOMBE: PHUMELELE DLAMINI
NOMCEBO NGEMA
IMEYA kaMasipala waseRichmond uCllr Mmeli Ngcongo, ushayela ihlombe uhulumeni waKwaZulu-Natal, onamaqembu ahlukene kodwa bahambisa intuthuko ngokufana emiphakathini.
UNgcongo ukhulume kanje namuhla ngesikhathi uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula, ubungaza usuku lwezigcina magugu lomhlaba, enkundleni yezemidlalo iNdaleni, eRichmond.
“Uma ungekho kulenqola uzizwa ugodola ngoba le nqola indala futhi inde indlela esazoyihamba. Siyabonga kakhulu Gabhisa ukuthi uthe mawubheka indawo lapho kuzogujwa khona lolu suku, wahlonza thina uMasipala waseRichmond. Ngiyanibonga nani bahlali ngoba uNgqongqoshe akaze engafika kungekho muntu, kodwa ufika nigcwele phama uze uswele indawo yokubeka unyawo,” kusho iMeya uNgcongo.
Uqhube wathi kukhona abasadidekile namanje ababecabanga ukuthi kumi ngenye indlela, wafika uhulumeni wesifundazwe wabakhumbuza ukuthi bancane egemini.
Uthi lo hulumeni wobumbano omuhle esifundazweni uzolokhu ukhona ngeke uyendawo.
Echaza ngosuku lwanamuhla olugujwa umhlaba wonke, oluhlanganiswe nokubungazwa kweminyaka eyi-120 yempi yamakhanda okanye impi kapondo lapho umuntu wakwaZulu wayekhokha khona intela ngesikhathi sencindezelo.
“Sijabule kakhulu ukuthi uNgqongqoshe uMnuz uKhawula ehambisana neMeya yoMkhandlu waseMgungundlovu uCllr Muziwokuthula Zuma, uma beza lapha eRichmond kuzogujwa lolu suku. Sizibonile zonke izigcina magugu zalapha eMgungundlovu okubalwa uMsunduzi Museum, uMngeni Museum, iMpendle, iRichmond njalo njalo, bekhangisa ngezinto abazigcinile kwizigcina magugu zabo. Nami lukhulu engilufundile osukwini lwanamuhla ebengingakwazi,” kusho iMeya uCllr uNgcongo.
