KUSALE ENKUNDLENI ABASOLWA ABAHLANU ENANDA

BAFE ujuqu abasolwa abahlanu abadubule namaphoyiseni. ISITHOMBE: FACEBOOK.
NOMCEBO NGEMA
BASALE enkundleni abasolwa abahlanu, ngesikhathi betholana phezulu nezulu lezandla nabakwasidlodlo namhlanje. Ekuseni KwaBester eNanda.
Laba basolwa bebefunwa uthuli amaphoyisa ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala nokuphanga kuhlonyiwe.
Ngokusho okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uCol Robert Netshuinda uthi amaphoyisa ebeyobopha laba basolwa, kulandela umkhondo okhishwe uPhiko Lwezobunhloli, okuthe befika esigamekweni abasolwa bavulela ngenhlamvu ebhekise ka emaphoyiseni, nawo abe esephindisela.
“Kube nokudubula phakathi kwabasolwa namaphoyisa nokugcine kufa abasolwa abahlanu, kanti awekho amaphoyisa alimele ngesikhathi kuqhubeka ukudubulana, “ kusho uCol Netshuinda
Uthi amaphoyisa athole izibhamu ezine, ezizophenywa ukuze kutholakale ukuthi azikaze zisetshenziswe ukwenza amanye amacala abucayi esifundazweni.
