IZINGA LIZOKUBA PHEZULU KOWE-DUNDEE JULY

UMBIKO: THOLANI NGCOBO
UZOKUBA sezingeni eliphezulu UMJAHO wokutelebhela wamahhashi obizwa ngokuthi I Dundee July, Lokhu kuvele ngesikhathi ukwethulwa lo mjaho ngokusemthethweni eNdumeni.
Okufike kwagqama kakhulu ngalo mjalo ukuthi kule minyaka eyi-20 owasungulwa, usube negalelo elikhulu ukuthuthukisa umnotho wakule ndawo.
UMnuz Menzi Buthelezi nguSihlalo weKZN Rural Trsdition Horseracing uthi bazimisele kakhulu ukuthi ezomnotho kule ndawo ngaphansi koMkhandlu waseMzinyathi kube yiwo ohlomula kakhulu
“Sifisa ukuthi kukhuphuke izinga lwalo mtelebhelo wamahhashi njengoba uzokuba ugubha iminyaka eyi-20 owasungulwa. Nakuba ubonakala ukuthi izinga likhuphuka kodwa ezezimali ezoxhasa lo umcimbi alikakhuphuki,“ kusho UMnuz Menzi Buthelezi.
Uveze ukuthi banesifiso nesokuthi ihhashi elizowina kube laKwaZulu-Natal.
UNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula uthi bazimisele kakhulu ukukhuphula izinga lalo mjaho, ukwazi ukuheha amanye amazwe angaphandle.


