Uncategorised

U-LORCH USAYINE KWELASE-LIBYA

UThembinkosi Lorch osayiniswe yiqembu laseLibya esuka kwelaseMorocco
ISITHOMBE: Wydad Casablanca

MALIBONGWE MAZIBUKO

Umdlali wakuleli, uThembinkosi Lorch, uqhubekile nohambo lwakhe lokudlala emazweni angaphandle kwaseMzansi kulandela ukujoyina kwakhe iqembu laseLibya, iAl Ittihad SC, eshiya iWydad Athletic Club yaseMorocco.

Lokhu kushintsha kweqembu kumenza abe ngomunye wabadlali baseNingizimu Afrika abahola imali ephezulu, njengoba kulindeleke ukuthi athole cishe uR1.2 million ngenyanga ngaphansi kwenkontileka yeminyaka emibili.
ULorch, oneminyaka engu-32,uzakhele igama kwiWydad ayijoyina esuka kwiMamelodi Sundowns ngesikhathi isaqeqeshwa uRhulani Mokwena. KwiWydad udlale imidlalo engu-28 washaya amagoli ayisishiyagalombili. Ubengomunye wabadlali abavelele kwiFIFA Club World Cup ka-2025 ebise -United States of America nyakenye.
Yize uLorch ubenconywa nxazonke kodwa awuvulekanga umnyango eqenjini lesizwe, iBafana Bafana. Umqeqeshi, uHugo Broos, akamfakanga esikwatini esidlale kwi-Africa Cup of Nations eMorocco ngoDisemba.
Ukujoyina kwakhe i-Al Ittihad SC kule sizini kuvula isahluko esisha emsebenzini wakhe, lapho ezobe efuna ukuzibonakalisa futhi ezingeni elisha ebholeni lase-Afrika.