SEKUPUTSHUKE AMAPHEPHA KA-MATRIC ANGOMBOMBAYI

ABAFUNDI bakamatikuletsheni bebhala izivivinyo zokuphela konyaka. Isithombe: KZNDOE
NOMCEBO NGEMA
SEKUPUTSHUKE amaphepha kaMatric angombombayi, azoholela ekutheni abafundi bafunde okungeyikho bezitshela ukuthi ngamaphepha asemthethweni.
Lokhu sekuholele ekutheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uxwayisa abafundi bakamatikuletsheni ngamaphepha ezivivinyo zokuphela konyaka angombombayi, uthi abawashaye indiva lawo maphepha ezivivinyo angombombayi asatshalaliswayo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi unxuse abafundi ukuthi bagweme izinkundla zokuxhumana njengoba kuqhubeka izivivinyo, wathi amaphepha omgunyathi angadukisa abafundi aphinde aphazamise ukuzilungiselela kwabo.
Kuzokhumbuleka ukuthi kulo nyaka bayizi-195 899 abafundi ababhala umatikuletsheni, bayizi-179 751 abafuna ngokugcwele.
Lezi zivivinyo zigadwe abaqaphi babafundi abangui-6 450 kuzo zonke izikhungo ezingu-1 766.
Ukumakwa kwamaphepha kuzoqala mhla-2 kuZibandlela. Namhlanje abanye abafundi babhala iPhysical Sciences (chemistry) P2 ongamahora ama-3, abanye babhala iTechnical Science P2, ezoba ihora elilodwa nohhafu ebese kuthi emini kubekhona ababhala iVisual Arts P1 ongamahora ama-3, abanye babhala iNautical Science P1 ongamahora ama-3.
