UKHAWULA UNIKELELE ABAFUNDI NGEZICATHULO

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula ekhuluma nabafundi.

INGXENYE yabafundi baseMathibelana Primary School eShowe Kanye namaciko akulesifundazwe. IZITHOMBE: SPHA MBHELE
NOMCEBO NGEMA
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, utshele abafundi ukuthi ababe usawoti wezwe, ukuze bezokwenza iNingizimu Afrika yonke ibe mnandi ngempumelelo. UNgqongqoshe ukhulume kanje namhlanje ngesikhathi evakashele iMathibelana Primary School eNkanini, eShowe ngesikhathi enikelela abafundi abangama-50 ngezicathulo zesikole, ngokubambisana nenkampani uMacro Comm ezinze eGoli.
UNgqongqoshe uthi njengoba ibhayibheli lithi, “vumelani abantwana beze kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabo”, uthi nabo bahamba kulezo nyathelo zebhayibheli ngokulekelela abafundi ukuthi bafunde ngokuziqhenya bangazenyezi, ngoba bebona umfaniswano abawugqokile ungaphelele.
“Kufanele sinikhulise kahle sinenze nibe usawoti wezwe, ngoba umsebenzi kasawoti ukwenza ukudla kubemnandi. Uma niwusawoti nizokwenza iNingizimu Afrika ibemnandi ngokuthi nikhule, nihloniphe, niphase, niphumelele ukuze ngelinye ilanga nibe abaholi baleli lizwe. Uma niziphathe kahle nizimisele kuzophuma othisha, abahlengikazi, odokotela, abashayeli bamabhanoyi kunina, ngakho zimeseleni ngoba imfundo iyisikhali sempumelelo,” kusho uNgqongqoshe Khawula.
Uthi umnyango wakhe kulonyaka usemkhankasweni wokushumayela ivangeli lokuthi mazidle ekhaya, kwesekwe yonke into elapho esifundazweni ukuze izokhula iye phambili. Uphinde waveza ukuthi banikele ngezicathulo ezingama-500 kuMkhandlu waseKing Cetshwayo okuyiwona awuqokile.
Uthishanhloko wesikole uNkk Thenjiwe Mtshali ubonge uNkulunkulu ngokubalethela uNgqongqoshe uMnuz Khawula wathi izingane ebezishoda ngezicathulo impilo yazo ngeke isafana nayizolo.
Uthi lezingane sezizoza esikoleni ziziqhenye futhi zinomdlandla ngoba zizozibona zifana nezinye.
UNgqongqoshe ubephelezelwa amaciko akulesifundazwe kanye nezinkakha esezathi khumu ebholeni.
Nazi izikole ezibe senhlanhleni, nenani lezicathulo okunikelwe ngazo:
Mathibelana Primary School (50)
Bagibile High School (50)
Hemfane Primary School (100)
Ezinqobele High School (100)
Edosini Primary School (100)
Sihubela High School (100)
