Uncategorised

OWOZALO NOHLELO LOKWAKHA AMADODA AQOTHO

UMASOJA Msiza ongumsunguli wohlelo Ivukuthu Ibutho Lembube.

IZIHAMBELI zithamele le ngqophamlando yomcimbi. IZITHOMBE: ZETHU PHOSWA

NOMCEBO NGEMA

KUSUNGULWE Ivukuthu Ibutho Lembube, isungulwa iNew Man Rising eholwa uMasoja Msiza, ahlose uthi ngayo ukuthi kuhlangane amadoda abe yimbumba ngale kokubheka ukuthi omunye ugqoke ini futhi uhamba ngahloboluni lwemoto. Usho lokhu izolo e-ICC eThekwini ngesikhathi ethula uhlelo Ivukuthu Ibutho Lembube, ehlose ukudodisa iphinde icije abafana abancane, iphinde inika ithemba abesilisa okungahlangani kubona empilweni.

UMasoja uthi bahlukene bengamadoda ngakho kufanele behlangene babe imbumba. “ Esikhathini samanje uyaye uthi uyabuza ukuthi ikwasibanibani yini lapha?, kuthiwe uhamba ngani. Esikhathini samanje sesijajana ngokuthi uhamba ngahlobo luni lwemoto, ugqoka hlobo luni lwempahla, kuthi umuntu ongenakho konke lokhu simvalele ngaphandle. Uma thina siyimbumba singamadoda, sizokwazi ukuqeqesha izingane zabafana ezisencane ukuthi zazi ukuthi zonke ziyalingana, zigqoka ngendlela efanayo zonke uma kukhona osenkingeni zonke kufanele zijeze,” kusho uMasoja.

Uqhube wathi into emkhuthazile ukuvula lolu hlelo ukuthi izinto ezibambekayo ezesikhashana kodwa into ebalulekile indlela oshintsha ngayo izimpilo zabantu. “UNkulunkulu ungiphakamisile, ngabheka ukuthi mina yini engiyenzayo kulendawo uNkulunkulu angibeke kuyona. UNkulunkulu ungiphe iphimbo okufanele ngilisebenzise ukushintsha izimpilo zabantu nangendlela abacabanga ngayo. Kukho konke esikwenzayo kufanele sibeke uNkulunkulu phambili kuthi thina silandela ngemumva,” kuqhuba uMasoja.

UMasoja ubonge wonke umuntu obe yingxenye yalomcimbi wathi indlela izikhulumi ezikhulume ngayo, iyona emkhuthazayo ukuthi aphokophelele phambili. “Lento engizifake kuyona ngiyabona ukuthi akusekho ukuhlehlela emva kwendlu, ngoba wonke umuntu ungibhekile. Sizoba nenkulumo mpikiswano (debate club) ezocija abafana ukuthi bakhulume futhi babe nemqondo ecabanga ngokushesha, ihomework club lapho bezohlangana khona benze umsebenzi wesikole ndawonye nokunye okuningi okuzobenza babe bamatasa bangangeni ezintweni ezingalungile,” kuphetha uMasoja.

Lo mcimbi ubuhanjelwe uNdlunkulu uKaMayisela-Zulu, amaZinyane, abezenkolo, abahlomise izihambeli zalomcimbi ngokuphatha imali, amaciko ahlukahlukene nabanye abaningi.