Uncategorised

I-PIRATES NOKAPTENI OMUSHA

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
umusamedia1@gmail.com

I-Orlando Pirates FC isiqinisekisile ukuqokwa kuka-Nkosinathi Sibisi njengo kaputeni omusha weqembu ngaphambi kwesizini yeBetway Premiership ka-2025/26.
USibisi uthathe izintambo zika-Innocent Maela, owahola iqembu kusukela ngo-2022. UMaela usethathe umhlalaphansi ngenxa yokulimala okumhluphe isikhathi eside. UMaela wayethathe lesi sikhundla esasiqhoqhobelwe uHappy Jele. USibisi, owagqamisa ikhono lakhe esakwiLamontville Golden Arrows kumasizini amabili adlule, uqokwe ngabadlali ngokuvotwa okuyimfihlo.
Uzosizwa uThapelo Xoki noMbekezeli Mbokazi njengama sekela kaputeni. Ekhuluma ne-website yePirates uSibisi uthe. “Kuyintokozo okukhulu futhi ngizizwa ngithobekile ngokuqokwa ukuthi ngibe umholi wale kilabhu enkulu kangaka. Ngizimisele ngokusebenza ngokuzikhandla ukuze ngilekelele iqembu lifeze elikusophile kule sizini.”