Uncategorised

UNQANDWE UMVUNDLA UNGIZWE KWA-MAI-MAI

MZWA MHLONGO

UBHAJWE esangweni kwa-Mai Mai uNgizwe Mchunu ozibiza ngomengameli wamabhinca. Ungizwe neqeqebana labalandeli bakhe bagasele kule ndawo ethandwa abaningi ukuyozwakalisa izikhalo zabo ngezitabane ezigqoka imvunulo yamakhosi.
Umsindo omkhulu ususwe ukusabalala kwesithombe sezinsizwa ezimbili ebezibopha ifindo likasofa silahlane, enye yazo ihlobe yaphelela ngemvunulo yama Khosi akaZulu, phakathi nesonto lapho uMchunu eqophe uLive egxeka labo besilisa abathandana nobulili obufanayo , uphinde waveza ukuthi uyabungabaza ubunsizwa balowo owawina umncintiswano weBigBrother Mzansi ngasekuqaleni konyaka Sweet Guluva.
UNgizwe usole uSweet Guluva ngokuba seqenjini elilodwa nonontanda kubukwa aphinde abe umsakazi we-Metro fm uSomizi Mhlongo.

UMchunu izolo ubehlele imashi ebheke kwa-Mai Mai nokuthe mebefika khona izinduna zakhona zabavimba ngelokuthi lokhu abakwenzayo kungase kungaphethi Kahle njengoba kungagcina kukhona abalimele.
Amaphoyisa abophe izinsizwa eziyishumi nambili ebezihamba no Mchunu, zihuba iculo elinezinhlamvu ezilumelayo kulabo abathandana nobulili obufanayo njengoba bezithi “We Stabane suka endleleni sesifikile siwu Zulu, ” kusho uNgizwe.