UDOKOTELA UZIBOPHEZELE UKWELULA ISANDLA EZIKOLENI

LWAZI CELE
UKHALA ngezidakamizwa esezibhubhise intsha udokotela osemncane uDkt Xolani Phungula (32) waseHighflats eMlabashane.
Lokhu kuvele ngesikhathi ephuma eyokunikela ngemifwaniswano yabafundi ezikoleni zakule ndawo.
Lo dokotela osemncane osezakhele igama eHighflats namaphethelo, ngokunikelela ngomfaniswano kubafundi njengoba ubehambele izikole okubalwa KwaThathani High School noMhlabashane Primary School.
Uthi ekhula kwakuyisifiso sakhe ukwelula isandla emphakathini ngenhloso yokwenza umehluko.
“Ukuzalelwa ekhaya elingathathi entweni yikho okungenze ngaphokophela ukulwela ukuqhakazisa ikusasa lami, ngemfundo ukuze ngiguqule isimo sasekhaya nesasemphakathini wangakithi. Inhloso yami enkulu ukubona intsha ifezekkuse izifiso zayo zokuqhakazisa ikusasa layo,” esho.
Lo dokotela owathola iziqu zobudokotela phesheya kwezilwandle eQuebec, uthi okudale waqoma ukuzisebenza ingoba wayefuna isikhathi esanele ukulekelela kakhulu intsha.
“Kushayisa novalo ukubona itsha yakithi ibulawa izidakamizwa ngale ndlela, ekubeni sibheke abaholi bakusasa kuyona. Uma intsha isiphenduke indlu yesidakamizwa okusho ukuthi asinabo ohulumeni bakusasa ngoba iyona esithembele kuyo ukuthi iyolivusa leli lizwe okubukeka likhalakathela eweni,” kuchaza uDkt Phungula.
