USHONE EBUYA OKHETHWENI LOKUCHIBIYELA OWE-MK PARTY

ISITHOMBE:AFICAN TIMES
UMBIKO: ZETHU PHOSWA
KUJUTSHWE umndeni oseGoli ukuthi uyokwazisa unkosikazi kaCanaan Mdletshe oshone engozini yemoto namuhla ezintatha.
UMdletshe kuthiwa ushone engozini yemoto kuN2 ngaseKhwiliza eMtubatuba bude buduze nakubo, ebuya ukuhambisa ozakwabo, bebuya kukhetho lokuchibiyela eMtubatuba.
UNosipho Mdletshe ongumshana kaMdletshe, uthi uthole ucingo ezintatha eshayelwa omunye weMK Party othe ufanisa imoto kamalume wakhe engozini.
“Ngithole ucingo ngo 01h00 izintatha befuna ukuqinisekisa ukuthi yiyona yini imoto kamalume le esengozini. Sibe sesiphuthuma khona, safika ngezithuba zabo 02h00, kodwa sifike esethathiwe umalume ngoba bathi ushonele khona endaweni yesigameko,” kubeka uNosipho.
Uqhube wathi uNosipho babe sebeshayela umndeni oseGoli ukuba kube yiwo odlulisa lezi zindaba kuMalumekazi wabo (unkosikazi kaMdletshe).
Uthi ngemuva kokuthi umalumekazi wakhe esetsheliwe.ngengozi,
uthathe ucingo wafonela ucingo lukamalume, ethi ufuna ukukhuluma nomnyeni wakhe.
UMdletshe ubesanesikhathi esincane ejoyine MK Party wabayiNhloko yezokuXhumana eqenjini.
UMdletshe ubesanda kushiya kwiNational Party ngemxa yezinxushunxushu ngaphakathi ezisenkantolo.
UMdletshe phambilini ubeyintatheli emnkantshubomvu, uqale ukusebenza kwiTaxi News, wasebenza kwiSowetan Newspaper enza izindaba zepolitiki, wase eba nguMhleli weziNdaba kwiNew Age, okuyilapho esukele khona esejoyina ipolitiki.
