IGCAGCELE ESOKENI KOSOMATEKISI KWADUKUZA

SIYABONGA PHAKADE
USIHLALO wamatekisi KwaDukuza, weDukuza taxi association uMnuz Dumisani Mhlongo uthi kubahlaba umxhwele ukubona umkhandlu ungenelela ekuthuthukiseni ukusebenza kwamatekisi kule ndawo.
UMhlongo obeyingxenye yomcimbi wokuvulwa kwerenki yamatekisi iKwaDukuza Taxi Rank uthe okwenziwe umasipala kubajabulise kakhulu okwenziwe umasipala, ngokuba Ila umpheme.
‘lesi sakhiwo esizolekelela abagibeli bamabanga amade. Abagibeli abashayeli kufanele baqikelele ukuthi bayigcina isesimweni futhi ihlanzekile, “ esho.
Le renki idle imali engaphezulu kuka-R19 million wamarandi izolekelela
Oyilunga lesigungu esiphezulu kuMkhandlu KwaDukuza uNksz Lindiwe Nhac uthi umkhandlu uyohlala njalo uzeseka izinhlelo zokuthuthukisa imiphakathi Kanye nezinhlelo zokudala amathuba emisebenzi.
