UQOKWE NGOKUZIMISELA UKAPTENI WAMAZULU FC

MABUNHLE MLABA
AMAZULU FC asememezele ukuqokwa kukaRiaan Hanamub njengokapteni wayo omusha kulandela ukuhamba kukaVeli Mothwa, Ramahle Mphahlele noMbongeni Gumede abebevamise ukubonakala bebambe ibhande kumasizini adlule.
Umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur Zwane uveze okumenze nethimba aqeqesha nalo baqoka lo mdlali waseNamibia njengomholi omusha. “Ungomunye wabadlali ohlale efika kuqala ejimini. Uwuhlobo lomdlali oluhlekile kanti nabadlali bayamhlonipha ngoba uhlale edlala ngokuzikhandla.”
UZwane uthe uzolekelwa abanye abadlali abanesipiliyoni kulesi sikhundla okungoBongani Zungu, Ben Motshwari, Taariq Fielies noPule Ekstein.
Izimpawu zokuthi uHanamub uzonikwa lesi sikhundla ziqale ukugqama ngesikhathi Usuthu ludlala kwi-KZN Premier’s Cup ebiseMhlathuze emasontweni amabili adlule.
Ubonakale eligqoke okokuqala ibhande lobukapteni ngesikhathi leli qembu laseThekwini lidliwa ngo 3-2 iStellenbosch FC kwi MTN8 quarter-final eCape Town ngempelasonto edlule.
UHanamub, odlala emuva, usechithe amasizini amathathu kuleli qembu elamthatha kwiChippa United. Usedlale imidlalo eyi-95 kanti usashaye igoli elilodwa
