ISASASA KUQOKWA OWESIFAZANE KWESOBUMEYA ENKANDLA

UMBIKO: ANDISWA MCHUNU
IMEYA esanda kuqokwa kuMaspala wase Nkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza uthi uzoqinisekisa ukuthi umphakathi uyahlinzekwa ngezidingongqangi ngaso sonke isikhathi.
Izolo lo Mkhandlu ubambe umhlangano wokukhetha ubuholi obusha, ngemuva kokudlula emhlabeni kwalowo owayenguMeya uCllr Mbhekiseni Biyela ngonyaka owedlule.
Kulo mhlangano uMeya uNkk Nzuza ukhethwe ngo-elethu, kwaphinda kwakhethwa ozoba Usekela lakhe uCllr uNkk Nokuthula Magubane abaphuma eqenjini le-IFP.
Ekhuluma nabezindaba uMeya Nzuza uthe uzobeka izidingo zabantu eqhulwini, futhi uzohamba kwizimfundiso zomsunguli waleli qembu uDkt uMntwana Mangosuthu Buthelezi.
“Nginethemba lokuthi sizosebenzisana kahle namakhansela akhona. Into ebalulekile ukuthi kusetshenzwe kubekwe izidingo zabantu eqhulwini,” kubeka uMeya Nkk Nzuza.
Eqhuba uthe ukuphatha kwakhe kuzohambisana ngqo, nomhlahlandle we-IFP, abazibophezela kuwo ngesikhathi sokhetho.


