Uncategorised

KUJUTSHWE UPHIKO OLUZOPHENYA NGOKUBULAWA KWABANTU EKRANSKOP

KUCELWA nanoma ubani ongaba nolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe izigilamkhuba ezibulale abantu ukuba abikele amaphoyisa. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

KUJUTSHWE uPhiko lwamaphoyisa olulwa nobugebengu, ukuthi lungenelele ukuze kubanjwe izigilamkhuba ezibulale abantu ababili ngesihluku eKranskop.

Kubikwa ukuthi laba ababulewe bebeya esitolo, kwaqhamuka amaveni amabili kwehla abantu ebebezenza amaphoyisa, bathi abalale phansi.
Ngemuva kwalokho kuthiwa babadubule izikhawu eziningana emakhanda, maqeda bakha phansi.

Kucelwa nanoma ubani ongaba nolwazi ukuze kubanjwe lezi gilamkhuba abikele amaphoyisa.