ICHIEFS IKHISHWE USHEMBE ISINYAMA NESHOBOLO LOKUBA UMDLIWA

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
ICHIEFS ikhishwe uNyazilwezulu isinyama, ebesenza ibhacaze ebholeni, kulandela ukuthi ishaye iMamelodi Sundowns ngamabili kwelilodwa.
Isikhulu esiphezulu seKaizer Chiefs, bacela izinhlanhla kumholi webandla lamaNazaretha uMduduzi “Unyazi lwezulu” Shembe ohlangothini lwaseBuhleni ngaphambi komdlalo we semi final yeNedbank Cup.
Ezinkundleni zokuxhumana kusabalale inkulumo yeNazaretha ekhale kakhulu, kungena igoli lokuqala lishaywa iSundowns.
“Kodwa Nyazi lwezulu ungangila yini, ekubeni usethembisile ukuthi sizowina,” kusho lendoda eyiNazaretha.
Kanti ezithombeni ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala indodana kaSihlalo weChiefs uKaizer Junior Motaung oyiSporting Director, noCecil Motaung behambele eBuhleni eNanda, lapho befike bathandazelwa. Bafike babika usizi lokuhamba iminyaka eyishumi benganqobi ndebe.
Kubhekwe ngabomvu ukuthi izonqoba yini, njengoba iqhathwe ne-Orlando Pirates kowamanqamu, ozodlalwa eMoses Mabhida Stadium ngo May 10. Abantu ezinkundleni sebeqalile bangcofa iChiefs, bethi ikopela kwiPirates okuyiyona eyaqala ukuyocela izinhlanhla kuShembe, kwaphetha ngokuthi inqobe indebe ye-MTN8 amahlandla amathathu.

Esithombeni uKaizer Motaung Junior ogqoke ibhantshi elimnyama emi nabashumayeli bakwaShembe eBuhleni eyocela izinhlanhla
