KUBONGWE OWO-ZALO EMZIMKHULU

UBHEKISISA Mahlawe odume ngelikaCalvinator. ISITHOMBE: SAVANNA NEWS
MABUNHLE MLABA
ISILOMO somlingiso woZalo, uBhekisizwe Mahlawe, odume ngelikaCalvinator, usezwakalise ukubonga ngemuva kokuhlonishwa yidolobha langakubo eMzimkhulu oGwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natal.
UBhekisizwe olingisa emdlalweni wodumo ku-SABC 1, ubongwe ngeqhaza lakhe ngeledlule ngesikhathi kunomcimbi obuhlelwe wumasipala waseMzimkhulu ngaphansi kwendikimba ethi ‘Siyabonga kumaqhawe namaqhawekazi aseMzimkhulu’.
“Ngibonga uMasipala waseMzimkhulu ngokusiseka njengamaciko asendaweni. Ngikholwa ukuthi baningi abantu abazogqugquzeleka ngohambo lwami kule ndima nabo babhale olwabo uhambo, ” esho.
IMeya yaseMzimkhulu uJabulile Msiya, okunguye obeseqhulwini lokwenza lo mcimbi, uthe kumqoka ukuthi amaciko angakubo bawabonge bawaqhakambise ngoba abakwenzayo okuhle emazweni basuke bedweba isithombe esihle ngoMzimkhulu namaphethelo.
UBhekisizwe uqale ukugqama elingisa emdlaweni wakwa e-tv osuwavalwa iDurban Gen kanti waqala njengomculi wekwaito esazinze eGoli lapho ayeyophanta khona impilo.
