ODUME KWI-BAFANA BAFANA NE-CHIEFS KUNGENZEKA ABONAKALE EHLATHINI

I
UMBIKO: NOBUHLE XIMBA
KUNGENZEKA avumbuke eqenjini elisehlathini owaduma kwiKaizer Chiefs nakwiBafana Bafana.
Kuthiwa iCasric Stars edlala kuMotsepe Foundation Championship ixoxa noSifiso “Chopper” Hlanti ngenhloso yokumsayina.
Lo mdlali waseNewcastle oneminyaka engu-34 usajika nelanga ekhaya, kulandela ukukhululwa iChiefs ngaphambi kokuqala kwale sizini.
Uke wamataniswa neSuperSport United afike ajima kuyo kodwa umqeqeshi uGavin Hunt wangamthatha. Kuthiwa iCasric ikholwa ukuthi leli nxele, elike ladlala kuMaZulu, Bidvest Wits neGolden Arrows, ikholwa ukuthi isipiliyoni sikaHlanti sizoyisiza kakhulu. Njengamanje iCasric ihlezi endaweni yesikhombisa namaphuzu ayi-17 kwi-log yeMFC .
Abanye abadlali uHlanti ayechithwe nabo sebewatholile amakhaya asha. USiyethemba Sithebe usekwiRichards Bay noKeagan Dolly usanda kutakulwa i-TS Galaxy ngemuva kokuntantiswa iSuperSport imbiza ejimini ibuye imdedele.
