UKHUNJULWE NGENDUMEZULU YENKONZO UMAQHAMUSELA

IMEYA kaMasipala waseMlalazi uCllr Queen Xulu ngesikhathi ethamele inkonzo.

KUSUKELA ngakwesokunxele iMeya uCllr Sikhumbuzo Dlamini, iMeya uCllr Queen Xulu kanye noNgqongqoshe uMfundisi Musa Zondi. IZITHOMBE: UMLALAZI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
IMEYA kaMasipala waseMlalazi uCllr Queen Xulu ophinde abe uMsizikazi ngaphansi kwenkonzo yamaLuthela, wemukele ngezandla ezifudumele izithameli enkonzweni enkulu yesikhumbuzo somfelukholo, uMaqhamusela Khanyile. UMaqhamusela wadlula emhlabeni mhla ziyi-09 kuNdasa ngonyaka ka-1877.
Kulonyaka ibandla lamaLuthela belikhumbula futhi ligubha iminyaka eyi-149 uMaqhamusela afela ukholo.
Ngesikhathi emukela izihambeli iMeya uXulu icaphune amazwi encwadini kaLukha 21:36.
“Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka, nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.”
Inkonzo yalo mkhosi iqale ngokubusisa itshe lesikhumbuzo entabeni, yaphetha ngenkonzo yesidlo ebibanjelwe esontweni kwaMondi ngaphansi kuka ward-13.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, neziNdaba zokuVakasha uMfundisi Musa Zondi uthi inkulu indima eyaklanywa uMaqhamusela, ekuphuculeni inhlalo nasekushumayeleni ivangeli, nakuba umlando wakhe usahlanakezelwe.
“Kufanele ukuthi ulungiswe umlando njengoba kunamampunge athi uMaqhamusela wabulawa iSilo uCetshwayo. Inkolo yafika yangaqeda esiyikho kodwa yaphucula impilo yomuntu yingakho uMaqhamusela ayomela, waze wabulawela yona. Leli qhawe kungelokuqala elabulawela Inkolo mhla ziyi-9 kuMashi 1877. UMaqhamusela ngomunye wabantu abanothisa umlando wakuleli nakuba kwaba buhlungu ukubulawa kwakhe, ” kubeka uMfundisi uZondi.
Le nkonzo ibihanjelwe iMeya yoMkhandlu wase-King Cetshwayo uCllr Sikhumbuzo Dlamini kanye nabanye abaningi.
