UNTULI UHALALISELA UDKT MNCWANGO NGOKUQOMA I-IFP

USIHLALO we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uhalalisela uDkt Bongani Mncwango. ISITHOMBE: ZETHU PHOSWA
NOMCEBO NGEMA
USIHLALO we-Inkatha Freedom Party (IFP) KwaZulu-Natal, ophinde abe uNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thamsanqa Ntuli uhalalisele uDkt Bongani Mncwango ngokuqoma IFP, ekubeni ebemaningi amasoka ebemfuna.
UMnuz uNtuli ukhulume ukusho lokhu ngesikhathi i-IFP imukela uDkt Mncwango, obenguNobhala Jikelele we-MKP, emahhovisi alo leli qembu eThekwini.
UNtuli uthi bubalulekile kakhulu ubukhona bukaDkt uMncwango esifundazweni saKwaZulu-Natal, ngoba ungumuntu wasemakhaya eShowe lapho abaphethe khona. “Siyazi ukuthi lokhu kuzoba nomthelela omuhle kakhulu. Nginethemba lokuthi njengoba sesinaye lapha, lokho kuzokwenza nabanye bavuleke amehlo beze bazojoyina i-IFP. Sizosebenza naye lapha esifundazweni sikhulise iqembu, lize lifinyelele lapho nabanye abantu bamanye amaqembu babone ukuthi i-IFP ilona khaya lawo wonke umuntu,” kusho uMnuz uNtuli.
Uqhube wathi kusekuncane lokhu okwenzeka manje, wathi lukhulu luyeza luyanyelela njengoba bebaningi abantu abaqhamuka emaqenjini ezepolitiki ahlukahlukene abafuna ukujoyina i-IFP. Uveze nokuthi njengoba i-IFP inqoba kangaka kukhetho lokuchibiyela, ingoba bekungavoti amalunga e-IFP kuphela, kodwa kunabantu baKwaZulu-Natal ebebevotela iNkatha ngenxa yothando nokuyibona ikhula kuhulumeni futhi isebenza ngendlela eqondile.
