Uncategorised

UKHISIMUSI USHESHE WAFIKA EKHAYA LABADALA ENTOKOZWENI

smart

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uvakashele ikhaya labadala eZingolweni ePortshepstone, ukuzokupha laba abadala ukhisimusi.
UNdunankulu uNtuli uthe kuyisibusiso ukubona abantu abadala bejabule ngoba kufanele sibagcine bejabule.
Nakuba siphethe lokhu okuncane kodwa ukuba bona bejabule, vesekhaya elihlanzekile futhi benakekelwe ngale ndlela.
“Sivakashe ningazelele kodwa indlela esifike kuhlanzeke ngayo iyangigculisa. Siyathanda ukwazi ukuthi nihlezi kanjani lapho nihlezi khona, ukuze sibone nezinselelo.
Ngithe angiphathe okuncane ukuze sijabulise laba abadala, abasebeyifa kuthina,” kusho uNdunankulu.
Uthi kuyisibusiso ukuphila leminyaka esiniyiphilile.
UNkk Beauty Nkonyeni umphathi waseNtokozweni ubonge ukufika kukaNdunankulu uNtuli.
“Siyafisa ukuthi
abantu bafunde ukunakekela abantu abadala bazi ukuthi bayifa lethu, bangahlukumezeki kodwa babagcine bethokozile njalo,” kusho uNkk Nkonyeni.