INKANTOLO INQINDE AMANDLA OWE-ITHALA

ANELE ZUMA
INKANTOLO ePhakeme KwaZulu-Natal amandla umphathi Wezokubuyiselwa Kwezimali oqokwe ukubhekelela i-Ithala SOC, Limited uMnuz Johannes Kruger (Repayment Administrator).
Lokhu kuvele ngemuva kokwenziwa kocwaningo olunzulu, inkantolo ephethe ngokuthi, lo mphathi ugunyazwe kuphela ukugcina nokubuyisela izimali zabatshalizimali, akavunyelwe ukuphazamisa ukusebenza kwe-Ithala okungahlangene nokwamukela izimali, okubalwa ukukhokhela abasebenzi, izinkokhelo zabanikezeli, l nokusabalalisa izibonelelo zikahulumeni (SASSA).
Lo mthetho uhlobene nokuphothulwa komyalelo wesikhashana owabanjwa ngomhlaka 9 kuNhlaba 2025, ngaphansi kwesigaba 18(3) soMthetho Wezinkantolo Eziphakeme, futhi awushintshi umyalelo kaJaji Ncube wangezi-13 kuLwezi 2024, owawuphakanyiswe eNkantolo Ephakeme Yezikhalazo (SCA).
Nakuba amandla kaMphathi Wokubuyisela Izimali ekalelekile, ukuvalwa kwe-akhawunti ye-Ithala e-Absa kuyaqhubeka ngaphansi komyalo wesigaba 84 we-Prudential Authority kanye nesicelo sokuphela kwenkampani (precautionary liquidation).
Lo mthetho uqinisekisa futhi uhlaka lomyalelo wokuvumelana kwango Zibandlela ngonyaka ka-2023, okubandakanya ukuvinjelwa kokwamukela izimali ezintsha, ukuphathwa kwezimali ngaphansi kohlelo lokubuyisela izimali, nokubambisana phakathi kwe-Ithala nomphathi ekuphothuleni lolu hlelo.
Uhulumeni WeSifundazwe sase KZN, ngokuholwa nguNdunankulu Thamsanqa Ntuli, ube esegcizelela ukuzibophezela ekuqinisekiseni ukuthi i-Ithala iyaqhubeka nokuhlinzeka ngezinsizakalo ezibalulekile, ikakhulukazi emiphakathini yasemakhaya nasemalokishini angaphansi kwezinsiza.
Uhulumeni uzosebenzisana ne-Prudential Authority, iNational Treasury, i-Absa Bank, nabanye ababambisene nabo ukuqinisekisa ukuthi izinkokhelo ezibalulekile zigcinwa ziphephile.
UNdunankulu Ntuli ukhuthaze wonke amaqembu ukuthi ahloniphe umthetho futhi avumele izinkantolo ukuqeda inqubo yokuphakanyiswa kwecala ngaphandle kokuphazamiseka.
UNtuli egcizelela ukuzibophezela kukahulumeni emigomeni yeSisekelo, ekuqinisekiseni umthetho wezimali osezingeni, nokusebenza okusemthethweni nokusobala kwezikhungo zikahulumeni.
“Lusalude uhambo olusasihlalele ne-Ithala , kanti nalaba abalisebenzisayo bangabe sebephonsa ithawula beshiya, sisafuna ukusebenzisana nalo ibhange ukuze sakhe nomnotho wethu njengesifundazwe,” kuqhuba uNdunankulu uNtuli.
Izinyathelo ezilandelayo zihlanganisa ukuphothula izimpikiswano zesicelo sokuphakanyiswa kwecala e-SCA nokuthola izinhlelo zesikhashana zokuvikela izinkokhelo zabasebenzi nezibonelelo zikahulumeni.
