I-POPCRU IKHALA NGOKUGCWALA KWAMAJELE AKULELI

UNGQONGQOSHE uMnuz Pieter Groenewald, ukhala ngokugcwala kakhulu kwamajele akuleli. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
INYUNYANA yamaphoyisa neziboshwa kuleli, iPolice and Prisons Civil Rights Union (POPCRU), ikhala ngokugcwala kakhulu kwamajele akuleli, ithi lokhu kubeka impilo yeziboshwa namaphoyisa engcupheni.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuzwelonke uMnuz Pieter Groenewald, utshele iPhalamende ukuthi izikhungo zokuhlunyeleliswa kwezimilo zisebenza ngo-58%, wathi manje zibalelwa ku-168,672 iziboshwa ezivalelwe emajele ahlelelwe ukumumatha umthamo wabantu abangu-107,000.
UMnuz Richard Mamabolo okhulumela iPOPCRU, uthi ukugcwala kwabantu emajele kwandisa udlame, ukushushumbiswa kwezidakamizwa kanye nobungozi kwezokuphepha emajele. Ucele ukuthi kuthathwe izinyathelo eziphuthumayo, ezihlanganisa ukwakhiwa kwezikhungo ezintsha, ukusheshisa ukuthethwa kwamacala, nokwandisa izinhlelo zokuhlunyeleliswa kwezimilo kanye nezinye izigwebo.
Izifundazwe ezinamajele agcwele kakhulu kubalwa i-Eastern Cape, Western Cape ne-Gauteng.
