Uncategorised

UHLEZI LUBHOJOZI UMPHAKATHI WAKWAMASHU

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

AMAPHOYISA axwayisa umphakathi waKwaMashu namalokushi asondelene nawo, ngamaphoyisa mbumbulu, agebenga abantu emzini yabo.
Lawa maphoyisa mbumbulu okuvele ukuthi, afika egqoke imifaniswano yamaphoyisa ehlukene, azibiza ngabaseshi.
UConst Thenjiswa Ngcobo okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthi lezi zigebengu zifika zizenze abaseshi, abazobheka izibhamu.
“Kwisigameko sakamuva, lezi zigebengu zifike KwaMashu kwa-J, bathi bazosesha izibhamu. Zibe seziphoqa owesifazane oneminyaka eyi-36 ukuthi avule wonke umuzi. Ngesikhathi oyedwa esekhombe lo wesifazane ngesibhamu, laba ahamba nabo bayapequlula bantshontsha abakufunayo. Bagcina umndeni bewukhiyele egumbini lokulala. Bashaye bachitha nomakhalekhukhwini abane nemali,” kusho uConst Ngcobo.
Ube esexwayisa umphakathi ukuthi uma kufika abantu abazibiza amaphoyisa, abacele ukubona isigqebhe sokuqokwa kwabo, noma bashayele esiteshini esiseduze ukuqinisekisa ukuthi baphuma khona yini.
Bangashayela kwinombolo ethi: 0860010111