OWADUMA KU-MUVHANGO EZINSOLWENI ZOKUKHWABANISA

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
ISIPHALAPHALA somlingisi esagqama kuMuvhango uBuhle Samuels kuthiwa sibhekene namacala okukhwabanisa.
Usanda kuvela enkantolo yeMantshi yase-Alexandra eGoli, ngezinsolo zokukhwabanisa nawomkokotelo athinta imoto iPorsche SUV.
Lo mlingisi owaziwa ngokuphila impilo yobukhazikhazi, usolwa lokukhwabanisa nokukopela indlela yokusayina ukuze athenge imoto yezinga eliphezulu.
Udaba lwePorsche SUV ebalwa kulolu daba, yaba sematheni eshutha nayo maqede wafaka izithombe ezinkundleni zokuxhumana njengesipho sosuku lwakhe lokuzalwa.
Le moto iyabonakala ku-Instagram wakhe wango-Agasti 2024 lapho lo mlingisi abhala khona ukuthi ” Isipho sangaphambi kosuku lokuzalwa. Kusukela Kimi kuya Kimi”. Iziphathimandla seziyithathile le moto okumanje igcinwe njengobufakazi njengoba kusaphenywa. USamuels kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngomhlaka-16 May 2025. Ephawula kumaphephandaba agobhoza izindaba zosaziwayo, lo mlingisi ukuqinisekisile ukuthi udaba lusenkantolo, futhi uyaphika ukuthi kukhona okungalungile akwenzile.
“Izinsolo zingamanga. Iqiniso lizoziveza ngokuhamba kwesikhathi,” eshaya ngamafuphi
